UMPHATHI we-Afrotainment uDJ Tira Isithombe: Instagram
UMNIKAZI wenkampani yokuqopha umculo i-Afrotainment, uDJ Tira, uthi kubalulekile ukuthi bangasali emculweni othandwa ngabantu ngaleso sikhathi, bangabambeleli kwi-gqom.
UTira uthe akukhona ukuthi sebeyayilahla igqom.
“Abantu badansela i-three step ne-piano kancane kancane bayangena kwi-gqom kodwa bathanda i-piano ne-three step. Njenge-Afrotainment kubalulekile ukuthi nathi senze umculo abantu abawuzwayo ngaleso sikhathi,” kusho uTira.
Uthe yingakho sebenza umculo onomyalezo noZeh McGeba.
“UJoocy unesizungu lana ufuna umculi azosebenza naye. UZeh McGeba uzovala leso sikhala e-Afrotainment nokukhulisa i-Afrotainment. Ungumculi onethalente okwazi ukudlala izinsimbi njenge-piano.”
Uqhube wathi basanda kubuya ekuzikhipheni beye eDrakensberg, lapho bebezivalele khona beqopha umculo omusha. Uthe lokhu kubalulekile ngoba basuke benza umculo kuphela kungekho okubaphazamisayo.
“Kumnandi ukuba namakhempu omculo kanye ezinyangeni ezintathu noma eziyisithupha. Eyethu ikhempu ubihlanganisa i-Afrotainment neNkabi Nation kaBig Zulu. Besikwazi ukujula ngomculo nabantu abadlala i-piano nabadlala izigingci. Kwenze umculo wethu wazwakala ukhulile.
“Abantu abalindele i-EP engizoyikhipha ngoFebhuwari 28 ebizwa ngeKhuphuka. IKhuphuka inezingoma eziyisikhombisa. Enye yazo iKhuphuka ephambili. Kukhona nenye okuthiwa yiPalesa engiyenze noDJ Maphorisa esematheni kwi-TikTok.”
Uveze ukuthi bayapheka nelungu leBig NUZ eselisele lodwa uDanger.
“UMshunqisi usahlabe ikhefu kancane e-studio kodwa nginesiqiniseko uzobuya ngamandla. I-Q-Twins iyapheka. UDuncan uzokhipha ingoma manje neNtaba YaseDubai. Lindelani umsebenzi omusha kaDJ Tira oza ngomhla ka 28 iKhuphuka. Angisho ukuthi sisebenzisana kamnandi nabadidiyeli bami iCamp Masters neWe Dem Boys. Ibona abadidiyeli engisebenza nabo kakhulu manje ekwenzeni umculo.”