Ijele laseWestville isithombe: sigciniwe
USIHLALO wekomiti lokuHlunyeleliswa kweziMilo ePhalamende uNksz Kgomotso Ramoboleng, usetshele izikhulu zalo mnyango ukuthi ukwakha amajele amasha ngeke kuyixazulule inkinga yokugcwala ngokweqile kwamajele.
Uveze ukuthi isisombululo kule nkinga wukusheshe kuphothulwe amacala ezinkantolo.
“Amacala kumele asheshe aphothulwe ezinkantolo. Ngaleyo ndlela kungehliswa le nkinga yokugcwala kakhulu.”
Inkinga yokugcwala kakhulu kwamajele kuleli yinto okuhlale kukhalwa ngayo.
Kukhalwa nangalabo abasuke besatokile nesibalo esiphezulu sabasuke belinde kukhishwe izigwebo emacaleni abo.
Umnyango utshele ikomiti ukuthi udinga ukwakha indawo ezoba nemibhede engu-50 000 ngoba izinga lokugcwala lingu-46%.
Ikomiti litshelwe ukuthi kudingeka kwehliswe isabelomali sengqalasizinda ngo-R1 billion, ngakho kudingeka kuthathwe imali kwezinye izinhlelo ukuze kukhaveke le mali.
UNksz Ramolobeng ukhale nangesibalo esiphezulu sabokufika kuleli abasemajele.
“Umnyango usazisile ngezinhlelo zokubhekana nesibalo esiphezulu sabokufika kuleli, abasemajele. Usivezele ukuthi kunomgomo wokuthi babuyiselwe emazweni abo,” usho kanje.
Izibalo ezivezwe ngumnyango zikhomba ukuthi bangaphezu kuka-22 000, abakwamanye amazwe ababoshwe kuleli.
Kulaba kukhona nabadonsa isigwebo seminyaka eminingi bebhadla ejele ngamacala abawenza.
Abangu-600 kubona badonsa izigwebo zodilikajele.
Umnyango kumele ngabe ugcine iziboshwa ezibalelwa ku-105 547 kodwa ngenxa yokugcwala ngokweqile ugcine ezingaphezu kuka-156 000.
Related Topics: