Business Report

Kulimale onogada oshayasibhamu begadla emotweni yemali

Nonkululeko Nhlapo|Published

OSHAYASIBHAMU bavimbezele onogada bashaya bachitha nezikhwama zemali Isithombe: Reaction Unit South Africa (RUSA)

OSHAYASIBHAMU abebehlome beyizingovolo bavimbezele onogada bemoto yemali emgwaqweni uTodd, eVerulam, ngoMsombuluko ekuseni.

Lokhu kwenzeke ngo-11 ekuseni ngesikhathi onogada benkampani i-Reaction Unit South Africa (RUSA) bebizelwe kule ndawo ngemibiko yokugetshengwa kwemoto yemali. AbeRusa bafike kule ndawo bathola ukuthi kuhlaselwe onogada ababili bathathelwa izikhwama zemali ngesikhathi bephuma nazo esuphamakethe yendawo.

ONOGADA ababizelwe lapho kugasele khona izigelekeqe zamuka nezikhwama zemali Isithombe: Reaction Unit South Africa (RUSA)

Kuthiwa abasolwa babaleke ngemoto i-VW okungaba yiPolo noma iGolf enombala osiliva.